Sifundisa ngokubaluleka kwemisundu kwa Swayimane
Dr Thembeka Nxele
Abazukulu bakwagogo Khanyile bafunda amabanga aphansi, omdadlana ufunda ibanga lesithathu, owesibili ufunda ibanga lesibili kanti untombazanyana yena ufunda ibanga lokuqala. Bebancane bengaka bayakwazi ukubaluleka kokutshala njengoba ugogo nomkhulu wabo betshale umoba. Kulelikhaya banamasimu angaphezulu kwamathathu abatshale kuwo umoba okuyiwo obaphilisayo. Besihambele endaweni yakwa Swayimane siyobheka ukuthi imiphi imisundu etholakala kumoba wakulendawo ngokusizwa ubaba uMdunge womnyango wezolimo, ongumlimi kulendawo.
Siyile kwa Nomnganga, Ndlaveleni kanye nase Mabheleni. Emabheleni kulapho ke sithole ugogo nomkhulu Khanyile abanabazukulu abaye beza nabo kuthina bezofuna ukwazi ukuthi senzani, bebuza nesizathu sokuqoqa lemisundu yakubo. Sibe sesibafundisa ngokubaluleka kwezilwanyana ezitholakala emhlabathini okukhona kuzo nemisundu. Labazukulu abazange besachitha sikhathi babe sebecela ukusisiza ngokugeza imisundu, besho ukuthi nabo mase bekhulile bafuna ukusebenza ngemisundu ngoba kanti ibaluleke kangaka, isiza ukuvundisa umhlabathi kagogo nomkhulu wabo ukuze bakwazi ukutshala umoba, babayise nasesikoleni! Ngosuku olulandelayo besibona, intombazanyana yeza igijima ithi โanti ngiwutholile mina umsundu namuhla ngawubeka ngangawubulalaโ kulapho ngibone khona ukuthi imbewu itshalekile.
Ukongiwa kwemvelo kuyinto okumele yenziwe abantu bonke, ikakhulukazi intsha ngoba yibo abaphathi bakusasa. Kubalulekile ukufundisa abantwana besebancane ngoba lolo lwazi bakhula nalo lubasize uma sebekhulile. Isintu sithi: โlugotshwa lusemanzi.โ
Photo caption: Abantwana bakagogo Khanyile emaBheleni befundiswa ngokubaluleka kwemisindu.