Imisundu njenga ihlala emhlabathini kusho ukuthi nokubaluleka kwayo kuse mhlabathini. Imisundu idla umhlabathi ihlanganise namacembe asefile awela phansi kanye nezilwanyazana ezisemhlabathini nakumacembe ezifana nama bacteria, nematodes, protozoans kanye ne fungi. Eziswini zemisundu kunama bacteria okuyiwonye alekelela ukugaya loko abakudlile bese kuphuma sekudibene konke sekuyinto ehlangene. Lokuhlangana komhlabathi kanye namacembe kwenza ukuthi lomsoco obuvaleleke kumacembe asefile ube usudibana nomhabathi kwenzeke umquba osezingeni eliphezulu. Lomhlabathi osuwumquba ke bawushiya ngaphezulu komhlabathi noma bawushiye ngaphakathi kwimigudu yabo abahlala kuyo, loku kuncike ekutheni umhlobo bani womsundu ngoba phela abazalwa emndenini owodwa!
Imisundu ayizwani namakhaza ngakho ke ebusika bayadla kakhulu bese beyazigoqa balale kuze kuthwase ihlobo kube nezimvula kube ima bevuka, baqale bephithizele. Lapha esithombeni siyabona umsundu uzigoqile wazenza ibhola, ulele njenga ukanjena, uyoze uziqaqe mase kuqale izimvula.
Umsundu ozigoqile olele